Nakanjani 'eyeqolo' bazoyithola ngo-Ephreli 1 - Sassa

2018-03-15 18:00

Johannesburg – ISouth African Social Security Agency (Sassa) iqinisekise ikomidi lezokuThuthukiswa koMphakathi ePhalamende ukuthi bonke abahola imali yesibonelelo sikahulumeni bazoyithola imali yabo ngo-Ephreli 1.

Lokhu kudalulwe emhlanganweni obungoLwesithathu, obumayelana nokubona ukuthi siyalandelwa yini isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sangonyaka odlule.

OLUNYE UDALA: Isoka ligqeme intombi ngesando

Abaphathi bezifunda baphinde banikezwa ithuba lokwenabela ikomidi ngokuthi zihamba kanjani izinhlelo sokuholela abantu ngenyanga ezayo.

Nakuba ikomidi lizwakalise ukugculiseka ngosekwenziwe kuze kube manje, lizwakalise nokukhathazeka mayelana nokusetshenziswa kwamabhange enza inzuzo ukuholela abantu.

Lithi lokhu kuzokwenza amabhange ahlomule ngokuholelwa kwabantu imali yesibonelelo sikahulumeni.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...