‘Mayibhekisiswe eyokuthi abakhulelwe kanye nabazwana nabo bahlolelwe i-HIV’

2017-07-05 11:01

Lilongwe – USihlalo weKomidi lezempilo nokwanda kwabantu ePhalamende, eMalawi, uJuliana Lunguzi, uphakamise ukuthi asikho isidingo sokuthi kusatshiswe abantu mayelana nokuhlolela i-HIV.

Lokhu ukusho Ngemuva kwesiphakamiso esithi kumele kube wumgomo ukuhlolelwa i-HIV kwabakhulelwe kanye nabathandana nabo kuleliya lizwe, kubika iNyasha Times.

ULunguzi, oyiLungu lePhalamende leMalawi Congress Party (MCP), ubephawula kulandela ukuphakanyiswa kweHIV/Aids and Nutrition Blll ePhalamende.

Lo mthethosivivinywa uma ungase uphasiswe ungachaza ukuthi abantu besifazane abakhulelwe kuzophoqeleka ukuthi bahlolelwei-HIV kanjalo nophathina babo.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngendlala yocansi one-HIV

Lo mnyakazo kuhloswe ngawo ukwehliswa kwezinga lezingane ezisuleleka nge-HIV, ziyithatha komama bazo.

Nokho, labo abaphikisana nalo mthetho sivivinywa bathi uzokwephula amalungelo abantu besifazane.

ULunguzi  uthe iMalawi kumele igawule ibheke uma ifuna ukuthi ukuhlolelwa i-HIV kwenziwe impoqo ezweni.

Uthe izwe selihambe ukhalo olude ekuvikeleni izingane ekusulelekeni ngegciwane zisasesiswini.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...