Luzoba ngelizayo olokuqondiswa izigwegwe uMotsoeneng

2017-05-11 09:31

Cape Town – Lowo owayeyisikhulu esiphezulu eSABC uHlaudi Motsoeneng kulindeleke aqondiswe izigwegwe ngoLwesithathu oluzayo kulandela ukusingatha isithangami sabezindaba ngo-Ephreli 19.

USihlalo webhodi lesikhashana eSABC, uKhanyisile Kweyama, utshele ikomidi lezokuxhumana ePhalamende ngoLwesithathu ukuthi ukulalelwa kwalolu daba kwakumele kube ngesonto eledlule, kodwa kwahlehliswa ngemuva kokuba abameli baMotsoeneng befake isicelo sokuba kuhlehliswe ngenxa yokuthi uyagula.

OLUNYE UDABA: Kuzogwetshwa owayengumholi we-ANC ngecala lokubulala

Uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe luzoba kanye nalolo olumayelana ngombiko woMvikeli woMphakathi.

I-DA yayifake isicelo sokuba sihoxiswe isicelo sokuqokwa kukaMotsoeneng njengesikhulu sezindaba ezithinta iSABC kanti inkantolo ngoDisemba yakhipha isinqumo esithi akumele abenesikhundla eSABC, kuze kube kuphothulwa uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe ngombiko woMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela owakhishwa ngoFebhuari 2015 ngokuziphatha kwakhe. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...