Luyaqala uhlelo lokubhalisela ukufunda eGauteng

2018-04-16 07:24

Johannesburg – Uhlelo loMnyango wezeMfundo eGauteng lokubhalisela ukufunda ngo-2019 nge-internet luyaqala namhlanje ngoMsombuluko.

Lolu hlelo lwenzelwe ukubhalisa abafundi abazobe beyofunda u-grade 1 no-grade 8 ngonyaka ozayo.

Ngonyaka owedlule, uhlelo lwaba nezinkinga ezihlanganisa nokuba banikezwe izikole ezikude kakhulu namakhaya abafundi ababefake izicelo.

Kodwa uMnyango uthi uhlelo lwawo selwenziwe ngcono kakhulu, kuningi osekulungisiwe, njengoba i-website yabo isingakwazi ukwamukela abantu abalinganiselwa ku-35 000 ngasikhathi sinye.

OLUNYE UDABAZimkhalele osolwa ngokudlwengula isalukazi

UMnyango wezindaba zaseKhaya nawo usufakwe ngaphansi kwalokhu hlelo.

Izikhulu zithi uma konke kuhamba kahle, ukubhalisa kungathatha imizuzu emihlanu nje kuphela.

Kodwa iFederation of Governing Bodies of South African Schools ayigculisikile.

Ithi lolu hlelo luzoqhubeka nokudalela abantu izinkinga ezingenasidingo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...