Lutholakale luphila usana olwathunjwa eThekwini

2017-03-12 08:01

Durban – Lutholakale luphila usana olunenyanga eyodwa luzelwe uSiwaphiwe, oluthunjwe kudunwa imoto kanina enxanxatheleni yezitolo ngoLwesihlanu.

USiwaphiwe Mbambo wathunjwa ngesikhathi unina edunwa imoto eGame City.

“Usana lutholakale luphila kanti sekuboshwe abasolwa,” kusho uKyle Reenen weMarshall Security.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uqinisekise kwabeTimesLive ukuthi le ngane itholakale phakathi kwamabili eMariannhill Toll Plaza.

Ngokusho kukaZwane, kumiswe imoto ebisolisa yase iyaseshwa, kwatholakala lolu sana phakathi.

Abasolwa bazobhekana namacala okuthumba kanye namanye.

NgoMgqibelo ntambama, ubaba wengane uFelokwakhe Mbambo uthe ukhathazeke ngale ndlela yokuthi ukudla akungeni kusukela kwaduka ingane.

"Sikhulekela ukuthi ingane ibuye iphephile. Umphakathi uyaseseka kakhulu ngoba awupheli kwami uzozwa ngalokhu okusehlele,” esho ngoMgqibelo.

Amaphoyisa amemezele ukuthi kukhishwe umehlokaboni ka-R250 000 kozoba nolwazi olungaholela ekutheni le ngane itholakale iphephile.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...