Lushonile usana olunezinyanga luzelwe olulunywe yinja lusendlini

2017-11-01 11:00

Johannesburg – Ishonile ingane enezinyanga eziyisithupha izelwe ngemuva kokulunywa yinja emzini osePrimrose e-East Rand, eGoli, kusho abosizo lokuqala.

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, bathole isidumbu sengane egumbini lokuphumula endlini, kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uRussel Meiring, esitatimendeni.

OLUNYE UDABA:Isindile intombazane, 6, elunywe yinja yakamakhelwane

"Ngeshwa, le ngane yomfana ibesevele ishonile ngesikhathi kufika abosizo lokuqala ngenxa yokuthola amanxeba amabi.

"Akukho obekusengenziwa ukuyihlenga le ngane," kuqhuba uMeiring.

UMeiring uphinde wathi imbangela yesigameko ayaziwa.

Iziphathimandla ziyaphenya kulandela lesi sehlakalo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...