Lizothethwa ngonyaka ozayo elabasolwa ngokubulala umfana ngenxa ye-sunflower

2017-12-12 07:07

Mahikeng – Abesilisa ababili abasolwa ngokubulala umfana oneminyaka engu-16 ubudala eColigny, eNorth West, lizothethwa ngoMashi 2018 icala labo.

UPieter Doorewaard, 26, noPhilip Schutte, 34, bavele ekafuphi eNkantolo eNkulu eNorth West eMahikeng ngoMsombuluko ntambama, kusho okhulumela iNational Prosecuting Authority uFrank Lesenyego kwiNews24.

Ukuthethwa kwecala kuhlelelwe amasonto amabili – phakathi komhlaka 19 nomhlaka 23 Mashi, kuphinde kube phakathi komhlaka 26 no-30 Mashi – kusho uLesenyego.

UDoorewaard noSchutte bathi babamba uMoshoeu entshontsha ama-sunflower ngo-Ephreli 20 2017.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe obezama ukugebenga umuntu ebhange

Bathi babemhambisa esiteshini samaphoyisa ngesikhathi ‘egxumela phansi’ ezama ukubaleka kade behamba ngeveni, wephuka umqala.

Owazibonela uthi abasolwa bamphushela phansi umufi.

Ezinye izakhamuzi zithi wabulawa ngoba engumuntu omnyama. Ukufa kwakhe kwaqubula imibhikisho endaweni, kwashisa nemizi.

UDoorewaard noSchutte bangaphandle ngebheyili ka-R5 000 umuntu emunye.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...