Lizokhele ngomlilo lisekhweni iphoyisa laseThekwini

2017-09-17 18:38

Othongathi - Usashaqekile umndeni wephoyisa elisebenzela umasipala weTheku okuthiwa lizibulalele ekhweni.

UConstable Vukani Zondo oneminyaka engu-28 ubudala kuthiwa ungene nezicabha ekhweni lakhe ngoMsombuluko ebusuku livutha amalangabi.

Umndeni kaZondo usola isandla semfene ngemuva kokuba uthole umbiko wokuthi indodana yawo izibhunyele ngophethiloli yazishisa yano.

Leli phoyisa lishonele esibhedlela ngemuva kokuba ingoduso yalo kanye nabakubo bawucishe umlilo base bamphuthumisa esibhedlela lapho afike ashonela khona.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokweba isibhamu

Uyise kaZondo, uDumisani Zondo, 60, uthe uqoke ukuthi indodana yakhe isheshe ingcwatshwe ngoba umzimba wayo ubusesimeni esibi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...