Lizofihlwa namuhla isosha lakuleli elabulawa eDRC

2017-01-07 11:00

Johannesburg - Umngcwabo wesosha le-SANDF elabulawa eDRC, uMoalosi Mokhothu, uzoba seBotshabelo, empumalanga yeBloemfontein ngoMgqibelo.

UMokhothu wadutshulwa wabulawa ngesikhathi kuhlasela amavukelambuso eDemocratic Republic of Congo ngenyanga edlule.

Okhulumela i-SANDF uLieutenant Colonel Catherine Baloyi uthi umngcwabo uzoba seKaizer Sebothela Stadium.

OLUNYE UDABA: Ukuzalwa kwe-ANC kufana nokuzalwa kukaJesu - Zuma

UBaloyi uthi uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa Nqakula uzobe engomunye wabantu abazothamela inkonzo yomngcwabo.

Ibamba lesikhulu se-SANDF uLeutanant General Msimang kanye nozobe ephuma ehhovisi lemeya yaseBloemfontein bazobe bekhona nabo, kubika iSABC.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...