Lizofaka isicelo sebheyili ngelizayo isoka lika-DJ wodumo

2017-04-12 07:22

Johannesburg – Isoka lika-DJ Zinhle, uBrendon Naidoo, lisazogcinwa esitokisini kulandela ukuvela kwalo enkantolo, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Uvele enkantolo ngoMsombuluko. Uzobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lapho kulindeleke khona ukuba afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni, kusho uConstable David Mathapo.

“Ngonyaka odlule wayebhekene namacala amabili okukhwabanisa, ngakho inkantolo iyihoxisile ibheyili yakhe ngoMsombuluko,” kusho uMathapo.

OLUNYE UDABA: Sezivaliwe izindaba zesiZulu esiteshini sikamabonakude

UNaidoo uboshwe ngoMgqibelo kanti ubhekene namacala amahlanu okukhwabanisa.

UNaidoo usolwa ngokuba nebhanoyi lokuhweba lapho ayelutha khona abantu ukuba batshale izigidi zemali.

I-The Citizen ngeSonto ibike ukuthi amacala akhe cishe asukela ngo-2014.

Omunye usomabhizinisi wathi wafaka u-R3m kwi-akhawunti yakhe. Usomabhizinisi utshele iSunday World ukuthi wanxenza nabanye abantu ukuba bafake izimali zabo, ethi uyabasiza.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...