Lizodluliselwa enkantolo enkulu elosolwa ngokudlwengula abafundi

2017-07-12 07:09

Johannesburg  - Icala lokunukubeza ngokocansi elibhekene nowayengumqeqeshi we-water polo esikoleni iParktown High Boys lizodluliselwa eNkantolo eNkulu yaseGoli kanti umsolwa yena uzobekwa indathane yamacala.

NgoLwesibili ekuseni, iNkantolo yeMantshi yaseGoli ilalele ukuthi amacala azokwethulwa enkantolo nokuthi umsolwa igama lakhe elisagodliwe uzobekwa wona ngomhlaka-18 Julayi.

OLUNYE UDABA:Lihlehlisiwe elomqeqeshi osolwa ngokudlwengula abafundi

Umsolwa, 22, uthweswe icala lokunukubeza ngokocansi abafundi abangu-20 abaneminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-16 ubudala.

Izinsolo zavela ngemuva kokuba lo thisha ebonakale kwi-video ewotawota umphambili womfundi oneminyaka engu-15 ubudala lapho okuhlala khona abafundi ngoNovemba ngonyaka ophelile.

Lo mqeqeshi waboshwa ngawo uNovemba 2016 ngaphambi kokudedelwa ngebheyili. Wesula esikoleni wangabhekana nokuqondiswa kwezigwegwe.

Ibheyili yomsolwa yeluliwe aze aphinde abuyele enkantolo ngomhlaka-19 Julayi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...