Lizobuyela enkantolo ngezayo 'elabangani' abasolwa ngokubulala abantu abangu-11

2018-04-17 07:34

Abamangalelwa ababili kwabayisihlanu abaziwa ngela"babulali baseKrugersdorp" bafuna ukungena ezingxoxweni noMbuso, kutshelwe iNkantolo eNkulu yaseGoli ngoMsombuluko.

Lokhu kuholele ekutheni iJaji uRatha Mokgoatlheng alihlehlisele inyanga ezayo leli cala.

UCecilia Steyn, 37, uZak Valentine, 33, uMarinda Steyn, 51, nendodana yakhe uLe Roux Steyn, 22, nendodakazi uMarcel, 20, bavele enkantolo namhlanje ngamacala angu-32 okubalwa kuwo ukubulala, ukuphanga besebenzisa indluzula, ukweba, ukukhwabanisa, ukusabisa nezenzo zobugelekeqe.

Lesi sigejane sisolwa ngokubulala abantu abangu-11 phakathi kuka-2012 no-2016.

Kuthiwa lezi zigameko zaqala ngesikhathi uCecilia Steyn, ozibiza ngodokotela wengqondo wezingane, exabana nomfundisi esontweni ayekhonza kulo, i-Overcomers Through Christ.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa ngelokubulala isalukazi

Kuthiwa lezi zigameko wayezenza nomngani wakhe omkhulu, owayephinde afundise esikoleni samabanga aphezulu, uMarinda Steyn, kanye nalowo osebenzela inkampani yomshwalense uValentine.

Izingane zikaMarinda, oLe Roux noMarcel, nazo zisolwa ngokuba nesandla kulezi zigameko zokubulala.

UMokgoatlheng ulihlehlisele inyanga ezayo leli cala njengoba abamangalelwa ababili kulaba benesifiso sokungena ezingxoxweni noMbuso. Akucaci nokho-ke ukuthi yibaphi la bamangalelwa okukhulunywa ngabo.

Omunye umsolwa, okunguJohn Barnard, 42, wagwetshwa iminyaka engu-20 ejele ngomhlaka-14 Disemba 2016 ngemuva kokuvuma amacala angu-13 okubalwa kuwo ukubulala nokuphanga esebenzisa indluzula.

Uzovela enkantolo njengofakazi woMbuso.

Udaba oluphelele lapha.

- YOU

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...