Liyaqulwa elosolwa ngokubulala abazali nomfowabo ngembazo

2017-03-27 11:01

Cape Town - Liyaqala ukuqulwa namuhla eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape icala lobhekene namacala amathathu okubulala umndeni wakhe ngembazo.

UHenri van Breda, 22, usolwa ngokubulala ngembazo abazali bakhe nomfowabo emzini oseStellenbosch ngoJanuwari 2015.

Udadewabo uMarli, yena wasinda kodwa walimala kanzima ekhanda kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Uvelile osolwa ngokugenca abazali nomfowabo

Le ndoda yazinikela emaphoyiseni ngemuva kwezinyanga ezingu-17 kwenzeka isigameko.

UVan Breda ubhekene namacala amathathu okubulala, elilodwa lokuzama ukubulala nelokuphula umthetho.

Njengamanje ungaphandle ngebheyili yemali engu-R100 000.

 - eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...