Liyancomeka izinga labaphumelele eGauteng, kodwa... - Lesufi

2017-01-06 10:00

Johannesburg – Izingala labafundi bamatikuletsheni abaphasile eGauteng elingu-85.1% liyancomeka, kodwa lesi sifundazwe besingenza kangcono kunalokhu, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uPanyaza Lesufi ngoLwesine.

Izinga labafundi abaphumelele kulesi sifundazwe lenyuke kancane uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2015 njengoba lalingu-84.2%, usho kanje emcimbini wokuklomelisa abafundi bamatikuletsheni abenze kahle esifundazweni, obuseDaveyton, e-East Rand.

OLUNYE UDABA: UMalema ukhuthaza ukwesekwa komfundi owaboshwa

Uma bengabalwa abafundi abadluliselwa kumatikuletsheni, izinga labaphumelele lingu-87% kulesi sifundazwe.

“Ngisakholelwa kakhulu ukuthi singenza kangcono njengesifundazwe,” kusho uLesufi.

Isifundazwe iGauteng silale endaweni yesethathu, silandela iFree State, ethole u-93.2% kanye neWestern Cape, ethole u-87.7%.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...