Liwudlela ejele iphoyisa laseGauteng elicele ukufumbathiswa

2016-12-25 09:01

Johannesburg - Lifulathelwe abakubo iphoyisa lomgwaqo esifundazweni iGauteng njengoba liwudlela ejele ukhisimusi walo ngemuva kokuboshelwa ukufuna ukufumbathiswa imali engu-R200, kusho iRoad Traffic Management Corporation ngoMgqibelo.

Isikhulumi uSimon Zwane uthe iNational Traffic Anti-Corruption Unit ibophe indoda eneminyaka engu-33 ubudala esebenzela uhulumeni waseGauteng ku-N12.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ngecala lenkohlakalo nelezidakamizwa

Leli phoyisa belisebenza kanye namanye amaphoyisa amathathu bebheke abashayeli abahamba ngesivinini esiphezulu kuthela wayeka.

"Kusolwa ukuthi leli phoyisa licele ukufumbathiswa imali engu-R200 kwelinye iphoyisa ebelisebenza umshoshaphansi," kuqinisekisa uZwane.

Umsolwa ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseSprings ngoLwesithathu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...