Livelile ibhungu 'elibulale' elinye kubangwa isihlanu

2017-02-23 09:30

Johannebsurg - Livelile enkantolo ibhungu elisolwa ngokubulala kulandela ingxabano kubangwa isihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerda Swart uthe leli bhungu elineminyaka engu-17 ubudala liboshwe eKareedouw ,e-Eastern Cape, ngomhlaka-17 Febhuwari ngemuva kokubulawa kukaDarryl Prins, 17, eMountainview, eKareedouw.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu kubangwa ihhashi

"Kusolwa ukuthi la mabhungu womabili abe nengxabano ebanga isihlanu, umufi washaya umsolwa ngomshiza wesagila, umsolwa wabe esehosha imimese emibili egwaza ngayo umufi esifubeni," kusho uSwart.

UPrins washonela endaweni yesigameko.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseHumansdorp ngecala lokubulala ngoMsombuluko, ngomhlaka-20 Febhuwari.

Icala lihlehliselwe umhlaka-2 Mashi ukuze kuzoqhutshekwe nophenyo.

Umsolwa ugcinwe esitokisini.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...