Lithwele kanzima ikhehla elishelwe umuzi eThekwini

2017-05-03 18:02

Durban - Asisihle neze isimo kuMthokozisi Tembe oneminyaka engu-69 ubudala waseClermont eSub-5 njengoba ebeselubheke ngabomvu usuku lokuhola impesheni kodwa kwangenzeka ngemuva kokushelwa umuzi wakhe ngoMqibelo ebusuku.

UTembe uthe wehlelwe yilo mshophi ngesikhathi ebukele ibhola kwenye indlu eseceleni kweyakhe futhi nembangela yalesi sigameko akayazi.

Ngokuthola kwe-KZN Eyethu uTembe uthe babone ngelikhulu ilangabi benenkosikazi yakhe, bathi bephuma nje bahlangabezana nenqwaba yabantu bezama ukucisha lo mlilo.

OLUNYE UDABA: Asisihle isimo enganeni ezalwe ngaphambi kwesikhathi

UTembe ubonga ukuthi wakhetha ukuyobukela ibhola ngobusuku besigameko njengoba engumuntu ojwayele ukusheshe azilalele.

Lo mkhulu uthi akakwazi kwenza lutho njengoba alahlekelwa yiyo yonke into emlilweni, okubalwa impahla yokugqoka, amakhadi asezitolo nokunye.

UTembe udalule ukuthi bavule icala emaphoyiseni kodwa angazi ukuthi yikuphi okumele akwenze ukuze ezokwazi ukusheshe ahole impesheni yakhe.

Leli phephandaba liphinde lahogela ukuthi abanikazi bomuzi basola umakhelwane abangazwani naye oseke wabasongela owezwakala ethi: "Ukushisa umuzi wabo akusilo iqatha elingangibinda."

Ikhansela lendawo uBheki Mvubu lithe lizothumela ithimba elivela kuMnyango wezeZindlu ukuba liyobheka umonakalo.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...