Lithole ibheyili iphoyisa elisolwa ngokubulala umkalo

2018-04-25 19:20

Lidedelwe ngebheyili yemali engu-R5 000 iphoyisa ebeselisebenze embuthweni wamaphoyisa njengoWarrant Officer iminyaka engu-26 ngezinsolo zokubulala umkalo ngo-2016.

UNkosinathi Shangase, 26, ubhekene necala lokubulala umkakhe, uThabisile Doyisa, udedelwe ngebheyili ka-R5 000 ngesikhathi evele eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngezinsolo zalesi sigameko esenzeka ngo-2016.

UMbuso ubukhomba uShangase ngokuba nesandla ekubulaweni kukaDoyisa njengoba kuyinto eyayihleliwe.

OLUNYE UDABA:Ubulale umkakhe wafaka isidumbu sakhe emgodini wethoyilethi

Enkantolo kuzwakale ukuthi uShangase noDoyisa bebengaboni ngasolinye njengoba uShangase ayehlongoza ukuthatha omunye unkosikazi, uDoyisa engayizwa kahle leyo.

UMbuso uphinde wenaba ngokuthi umsolwa wayekade ethathe ilivu emsebenzini ukuze ezokwazi ukuqhuba izinhlelo zakhe.

Uthe umsolwa wadedela umsizi wasendlini, emtshela ukuthi angalubhadi emsebenzini ngosuku lwesigameko ngenhloso yokuba angaphazamiseki uma esefuna ukubulala unkosikazi.

Kuphinde kwezwakala nokuthi uShangase wayesongela ofakazi ethi uzobaphambanisa nezulu.

Thola udaba oluphelele kwi-EyethuNews.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...