Lithole ibheyili iPhini likaNgqongqoshe elibhekene nawokushaya

2017-08-10 18:01

Durban - IPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana uthole ibheyili eNkantolo yesiFunda eRandburg ngoLwesine.

UManana usolwa ngokushaya owesifazane eCubana, eGoli ubhekene namacala okushaya.

UManana uthole ibheyili kaR5 000 kanti futhi icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 13 kuSepthemba kulo nyaka.

OLUNYE UDABA: Lithelekile enkantolo iPhini likaNgqongqoshe elisolwa ngokushaya

UNgqongqoshe wamaphoyisa uFikile Mbalula uveze ukuthi uphenyo mayelana naleli cala lisaqhubeka.

UMbalula usho lokhu kwisithangami sabezindaba ngoLwesine. Lo Ngqongqoshe uthi uManana ngeke aphathishwe okweqanda ngoba nakhu esebenzela uhulumeni.

Uthi amaphoyisa azokwenza umsebenzi wawo ngaphandle kokwesaba.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-26°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...