'Lithi lasindiswa wukukhuleka' iphoyisa elahlaselwa abazalwane

2017-11-14 18:02

Johannesburg - Iphoyisa lakwaMetro elahlaselwa ngabazalwane ngeSonto eHillbrow eGoli lithi lalicabanga ukuthi sekuphelile ngalo.

Leli phoyisa elisashaqekile namanje njengoba lingakwazanga ukukhuluma nabezindaba kodwa lakhulunyelwa okhulumela amaphoyisa akwaMetro u-Edna Mamonyane, lithe lalicabanga ukuthi liyafa.

USiphiwe Sebati wahlaselwa ngesikhathi esusa imoto yelungu lebandla iRevelation Church of God eHillbrow eyayipakwe endaweni okungapakwa kuyo.

OLUNYE UDABA:Buka: Abazalwane behlasela iphoyisa lakwaMetro eGoli

Ivideo yesigameko eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana yacasula iningi.

Kwaboshwa abzalwane ababili ngokuphanga nokushaya ngemuva kokuphuca uSebati isibhamu sakhe.

UMamonyane utshela iSowetan Live izolo ukuthi leli phoyisa elisathukile, lilulamela ekhaya futhi livuvukele ubuso.

"Uthe, ubecabanga ukuthi uyafa ngesikhathi amalungu aleli bandla emkhahlela ngemuva kokudushela phansi, uthi ube esekhuleka ecela uNkulunkulu ukuba amhlenge kwathi ngemuva kwalokho waquleka.

Ngenhlanhla, abashayeli beloli ethwala izimoto babikela amaphoyise ukuba azosiza leli phoyisa," kusho uMamonyane.

UMamonyane, uthe uSebati waqale wasabisa iqulu ngokudubula emoyeni kodwa kwangathi diki kulo.

"Watshela leli qulu ukuthi uqhuba umsebenzi wakhe ngoba izimoto zabo zivimbe umgwaqo, zidala isiminyaminya."

 - SowetanLIVE

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...