Lithenge izimoto ezintsha ceke iGcokama Elisha

2017-02-06 11:32

Durban - Kuphazamiseke ukusebenzi ezitolo zaseWorkshop ngesikhathi kutheleka lo mculi ephelezelwa yizinkumbi zabalandeli eyozikhombisa leli golide lezimanga.

Ufike sekuphithizela eselindiwe, wabe esebonga kubalandeli bakhe ngokuthengisa kakhulu kwe-albhamu yakhe ephume kuZibandlela ethi "Amagolide" njengoba ethi yiyona emzuzise leli golide.

Uliphakamisile elikhombisa abalandeli bakhe wabatshela ukuthi le albhamu emzuzise lona isithengise ngaphezulu kwamakhophi ayizi-16 000.

Bekukhona nezimoto zakhe ezimbili, iToyota Fortuner neQuantum ezintsha ceke athi zithengwe ngesonto eledlule.

Uthi nakuba kukhona abathi igolide lakhe liwumbombayi, akanandaba nalokho ngoba yizinkulumo lezi ezivela ezitheni zakhe ezisemculweni.

OLUNYE UDABA:Igcine itholakele imoto yomculi kaMaskandi eGoli

"Nginqume ukuthi ngizobakhombisa abalandeli bami esengikuzuzile ngalo mculo njengoba kuyibona abangesekayo. Inhloso yokuthenga leli Quantum wukuthi ngilekelele abalandeli bami uma kunezimo eziphuthumayo noba lokhu engikwenzayo kuyindlela yokubuyisela kubona ngenxa yokuthi sengizuze okuningi bengeseka ngaphansi kwezimo ezinzima engidlule kuzona.

“Okunye okungijabulisa kakhulu wukuthi umama ongizalayo wangiqamba wathi nginguSbusiso kanti naye-ke usebusisekile ngemizamo yami nakuba ehamba ngesihlalo esinamasondo. Ungikhulise kanzima ngingenaye ubaba," kusho uMthandeni.

Mayelana namaCD, uqale wagaya amakhophi ayizi-9000, kwaba ngayizi-8000 kwagcina ayizi-5000.

Uthi iQuantum uyithenge ngo-R460 000 kayinasikweletu kanti iFortuner yakamuva nayo ingaphezulu kuka-R450 000 kodwa usayikhokhela.

Utshele ILANGA ukuthi umatasa ngokwenza iDVD ezophuma ngePhasika nayo uzoyiqamba ngokuthi “Amagolide.”

Lo mculi ubuye waveza ukuthi umatasa nokulobola njengoba esekwazile ukukhipha izinkomo eziyisi-7, okukhona ezine zoboya kuzona.

ILANGA likhulume noTshepo Nzimande weZuz'muzi Music Production ngenhloso yokuthola kabanzi ngegolide. Uveze ukuthi igolide selenziwa yinkampani yomculi emuva kokutholakala kwesibalo samakhophi awagayile, awasabalalise ezitolo nawadayisile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...