Lithelekile enkantolo iPhini likaNgqongqoshe elisolwa ngokushaya

2017-08-10 12:31

Johannesburg – IPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, uthelekile eNkantolo yesiFunda eRandburg ngoLwesine.

UManana usolwa ngokushaya owesifazane eCubana, eGoli.

Kulandela ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana, nayizinhlangano, uManana uxolisile ngesigameko asibize ngokuthi siyihlazo, esenzeke ngemuva kokuba ‘ebizwe ngesitabane’. 

OLUNYE UDABA: 'Ubehlukunyezwa yisoka otholakale ebulewe'

Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, ‘UManana’ ubonakala eshaya ngempama owesifazane obonakala evikela ikhanda ngezandla.

Esitatimendeni, i-ANC ithe izibonile izinsolo ngoManana futhi idumele ngazo futhi nokuziphatha kwakhe akwamukelekile.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...