Lishaqekile ibhodi lakwa-Eskom ngokwesula kukaBen Ngubane

2017-06-13 09:30

Johannesburg – USihlalo webhodi lakwa-Eskom uBen Ngubane wesule ngokushesha esikhundleni sakhe.

UNgqongqoshe wezamaBhizinisi oMbuso uLynne Brown umemezele ukwesula kukaNgubane ebhodini lakwa-Eskom ngoMsombuluko ebusuku.

UNgubane ungomunye walabo ebebeseka kakhulu lowo owayeyisikhulu esiphezulu kule nkampani uBrian Molefe.

OLUNYE UDABA: I-SABC isimxoshile uHlaudi Motsoeneng

Muva nje, uNgubane uchithe izinsolo zalowo owayenguNgqongqoshe weziMbiwaphansi uNgoako Ramatlhodi zokuthi wazama ukumphoqa ukuba amise ukuba iGlencore iphakele amalahle.

UBrown uthi useqoke uZethembe Khoza esikhundleni sikaNgubane ukuze kube nenqubekela phambili.

Ibhodi lakwa-Eskom lithi lishaqekile ngokwesula isigubhukane kukaNgubane.

 - Eyewitness News

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...