Lisesimweni esibucayi iphoyisa elidutshulwe ku-N4

2017-10-11 16:05

Ilungu lophiko lwe-Flying Squard emaphoyiseni luthola usizo lokuqala ngemuva kokulimala esigamekweni sokudubulana ku-N4.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ebusuku ku-N4 eMiddelburg, Mpumalanga, kubika iMiddelburg Observer.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngesikhathi lawa maphoyisa ezama ukuvimba imoto yohlobo lwe-Audi A4 emhlophe ngo-22h00 ebusuku.

Le moto ebinezinombolo zaseGoli yehlise isivinini sengathi izoma, kodwa yabuye yabaleka.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iphoyisa ngaphandle wendawo yokucima ukoma

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe: “Amaphoyisa ajahe le moto kwaze kwaba wukuthi abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni."

Kuthiwa le moto ibibandakanyeka esigamekweni esifanayo ngabo lobo busuku endaweni yaseKriel.

UKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe uLieutenant-General Mondli Zuma unxuse amalungu omphakathi ukuba anikele ngolwazi olungaba wusizo emaphoyiseni ngokuxhumana noCol. Phillah Mahlangu on 076 942 5455.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...