Lisenkantolo elombulali odayise izicubu zomzimba

2016-03-02 16:59

Cape Town - UCarine Teunissen utshele umehluleli u-Elize Steyn ukuthi inkantolo kumele imuthole enecala u-Aljar Swartz ngecala lokubulala ngenhloso uLee Adams oneminyaka engu-15 ubudala, kubika iTimeslive.

"Indaba yokuth umsolwa waqala wazama ukuthola ukuthi angazithengisa kanjani izicubu zomzimba, futhi wabuye wazama ukuthi abanye balabofakazi babe ingxenye yalokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uyicabangisise kahle lento; ukuthi kudala enenhloso yokwenza lokhu futhi wayebakhetha kahle abantu bakhe,”kusho umshushisi.

UTeunissen uthe lo celembe kanye nemimmese emibili etholakale egumbini lakhe, kwengezelela kulezi zinsolo. Ingwiji khwebu ngesonto eledlule uSwartz elivuma icala kumqulo othunyelwe enkantolo.

Kodwa-ke, akakushintshanga akusho ngokuthi uyalivuma icala njengoba kubikwa. USteyn ucacisele inkantolo ukuthi uzolalela izinhlangothi zombili zivala ngaphambi kokuba athathe isinqumo sokwahlulela.

OLUNYE UDABA:Umehlokaboni ka-R50 000 ngokubulawa kwephoyisa eKapa

Isigwebo sizokwehliswa kuphela uma etholakala enecala. Umndeni walowo obulewe bewugqoke izimpahla ezinsomi ngoba bekungumbala ayewuthanda kakhulu umufi.

Kumqulu wokuvuma kwakhe icala, uSwartz uthe wayengumlandeli kaSathane futhi efuna ukuthengisa izicubu zomzimba esangomeni.

Umshushisi uyakungabaza lokhu ngokuthi lo mfana uthengise izicubu zomzimba ngoba efuna imali hhayi ngoba enza imigilingwano ye-satanizimu.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...