Liphinde lahlehla elengane 'eyathunjwa' eThekwini

2017-06-22 18:00

Durban - Lihlehlile icala elibhekene nowesifazane waKwaZulu-Natal osolwa ngokuqamba amanga ngokuthi kuthunjwe ingane yakhe enenyanga izelwe.

USiwaphiwe Mbambo wathunjwa "kudunwa" imoto enxanxnatheleni yezitolo eseThekwini ekuqaleni kwalo nyaka.

Umama wakhe uSibongile nokusolakala ukuthi uyisoka lakhe, uPhumlani Mbokazi, babekwa icala ngemuva kokuba ingane itholwe ngamaphoyisa eduzane naseMarianhill Toll Plaza ekuqaleni konyaka.

OLUNYE UDABA:Lihlehlele uLwesithathu elengane ebithunjiwe

USibongile noMbokazi bavele okwesithathu enkantolo yeMatshi yaseThekwini ngecala lokukhwabanisa nokuphula umthetho.

Inkantolo iphinde yalihlehlisa icala ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

Isikhulumi seNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal uNatasha Karra uthe: "Udaba luhlale enkantolo ngomhlaka-22 Juni lahlehliselwa umhlaka-28 Julayi ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo."

Ingane, uSiwaphiwe, inakekelwa abezenhlakahle.

Kulindeleke ukuba kumenyezelwe usuku lokuqulwa kwecala uma abasolwa sebevela futhi enkantolo.

 - EWN

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...