Liphezulu izinga labantu abane-HIV/Aids eKokstad - Umbiko

2017-07-29 11:01

Durban – Ngokwezibalo iKokstad yilona dolobha elinesibalo esiningi sabantu abane-HIV, lokhu kuvele ngesikhathi izikhulu zoMnyango woMgcinimafa KwaZulu-Natal zinengxoxo nomphakathi waseBhongweni.

Lesi sigcawu besibanjelwe ukubuyekeza izinhlelo ezenziwa wuhulumeni ekunqandeni ukubhebhetheka kwe-HIV/Aids.

Izinhlangano ezingenzi nzuzo zaseKokstad, izikhulu zoMnyango wezeMpilo, ezeMfundo kanye nezikamasipala nazo bezikhona kulesi sigcawu.

Lowo obekunguyena obehlanganise lesi sigcawu ophuma kuMnyango wezeMpilo esifundeni iHarry Gwala, uSindi Hlongwa, uthe izibalo zitshengisa ukuthi siphezulu kakhulu isibalo sabantu abaphila ne-HI/Aids eKokstad, wathi nezinga labantu abasha abasuleleka ngaleli gciwane liyabakhathaza.

OLUNYE UDABA: Ixhumana kanjani insangu ne-HIV? Thola kabanzi…

“Sisola ukuthi lezi zibalo zikhula ngoba iningi lamantombazane asemancane angena ebhizinisini lokudayisa ngomzimba futhi awazivikeli. Uhulumeni uyafuna ukusiza intsha,” kusho uHlongwa.

Ngokusho kwezibalo eBhongweni bangu-34.3% abantu abane-HIV/Aids. EShayamoya khona izobalo zimi ku-29.6% kuthi edolobheni eKokstad zime ku-25.5%. 

UZikhona Nyathi weGlobal Fund Programme eMnyangweni woMgcinimafa uthe lesi sigcawu sizosiza uhulumeni ekuqondeni ukuthi yiziphi izinkinga izinhlangano ezingenzi nzuzo ezibhekana nazo ukuze ezokwazi ukufaka isandla.

Uthe umbiko uzothunyelwa eHhovisi likaNdunankulu, eloMgcinimafa kanye nakomasipala bendawo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...