Limlahlile owesimame obefuna uhhafu wengcebo yomyeni wakhe kwidivosi

2016-08-12 07:15

Pretoria - Owesimame akanalo ilungelo lokuthola uhhafu wayo yonke ingcebo yomyeni wakhe njengoba bedivosa, kubika iCitizen.

Lesi isinqumo senkantolo lapho owesimame efake isicelo sokuthula ingxenye yengcebo yomyeni wakhe njengoba sebeliqhaqha elikasofa silahlane ngemuva kwezinyanga ezingu-20.

Bekubonakala sengathi zimhambela kahle izinto owesimame njengoba kuqulwa leli cala ngesikhathi inkantolo igunyaza ukuthi athole uhhafu wenani lomuzi womyeni wakhe obiza R2.9 million oseCenturion.

Funda nalolu daba:Inkantolo ivune unkosikazi kweledivosi

Leli cala liphethe ngokuthi akukho okunye azokuthla lo nkosikazi kwingcebo yomyeni wakhe okubalwa kuyo eminye imizi emithathu, izimoto zikanokusho kanye namasheya ezinkampanini ezahlukene.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...