Limlahlile icala uthisha owakhulelisa umfundi

2017-01-28 11:04

Johannesburg – INkantolo yesiFunda yasePiet Retief ithole uthisha oneminyaka engu-46 ubudala enecala lokudlwengula umfundi, 15, kusho amaphoyisa aseMpumalanga ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe u-Elphas Ndlovu wakhona ePiet Retief ulahlwe yicala ngoLwesine, kubika i-ANA.

“Lolu daba lusukela esigamekweni esenzeka ngo-2001 lapho uNdlovu akhulelisa khona umfundi oneminyaka engu-15 ubudala.

OLUNYE UDABA: 'Wayeselobolile uthisha osolwa ngokubulala umfundi nonina'

“Wathembisa umndeni ukuthi uzokhokha inhlawulo, esikhundleni salokho wakhala amaphepha.

“Umndeni wabe usubikela amaphoyisa ngalolu daba ngo-2001. Icala libe selithethwa kwaze kwaba ukhala ngaphansi,” kuchaza uHlathi.

UNdlovu uzogqunywa esitokisini kuze kube kwehliswa isigwebo ngoFebhuwari.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...