Limlahlile icala owabulala owambamba inkunzi

2016-10-05 13:30

Cape Town – Inkantolo yeMantshi yaseBlue Downs imthole enecala lokubulala owesilisa owabulala owesilisa owambamba inkunzi.

UZola Mzinyelwa, 44, utholwe enecala ngoLwesibili yiMantshi u-Ivan Munnick, kubika iCape Argus.

UMzinyelwa ugojelwe yicala lokubulala uChristopher December, oneminyaka engu-30 ubudala.

Ummangalelwa wadubula uDecember washona ngonyaka odlule ngemuva kokuthi ezame ukumgebenga ehamba namanye amadoda amathathu bemkhombe ngesibhamu.

OLUNYE UDABA: Umnikazi womuzi ubulale umgqekezi eThekwini

Kuthiwa uMzinyelwa wabuyela emzini wakhe wayothatha isibhamu wase eqonda ngqo emzini okujwayele ukuvakasha kuwo uDecember nalawa amanye amadoda ayezama ukumbamba inkunzi.

Wafike wavulela ngenhlamvu wadubula uDecember ekhanda washona.

Efakaza enkantolo uMzinyelwa uthi wabulala uDecember ezama ukuzivikela ngoba umufi wayehlome ngommese futhi wazama ukumhlwitha isibhamu sakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...