Limgojele owesilisa ngokudlwengula nokubulala ingane, 11

2017-12-07 18:00

Cape Town - INkantolo eNkulu yaseWestern Cape imthole enecala uRandy Tango ngokudlwengula nokubulala intombazane eneminyaka engu-11 ubudala, uStacha Arends. 

IJaji laseNkantolo eNkulu yaseWestern Cape uRobert Henney wehlise isigwebo ngoLwesine ntambama kulandela icala elidonse isikhathi eside.

UTango, owayakhelene nomndeni ka-Arends kuMatroosberg Street, eMitchells Plain, ngesikhathi engena esivumelwaneni noMbuso waveza ukuthi walala nale ngane ngokuyingena esithweni sangasese nasendaweni yokuzikhulula.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe ngelokudlwengula owakhipha ijazi kwenziwa ucansi

Waphinde wavuma ukuthi wanklinya u-Arends ngemuva kokuthi amsabisa ngokutshela umama wakhe ukuthi umdlwengulile.

U-Arends wanyamalala eMitchells Plain ngomhlaka-27 Mashi nonyaka, isidumbu sakhe satholakala ngezintatha zangosuku olulandelayo enkundleni yezemidlalo kuyona leya ndawo.

UTango zamkhalela ngalo lelo langa okwatholakala ngalo isidumbu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...