Lilulamela esibhedlela usana olwagqitshwa unina luphila

2017-04-19 18:01

Pietermaritzburg - Usashaqekile umphakathi waseZinqoleni kwisiFunda Ugu kulandela ukutholakala kwengane ebigqitshwe unina isaphila ngoLwesine lwangesonto eledlule.

Kuthiwa umama wale ngane oneminyaka engu-24 ubudala wateta ngoLwesibili wase eyigqiba iphila epulazini ayesebenza kulo ePaddock.

Iphephandaba i-Ugu Eyethu ngokuthola komthombo walo, le ngane ize yatholwa ngoLwesine ngemuva kokubuzwa abantu abebesebenza nalo wesifazane, ukuthi ikuphi ingane njengoba bebazi ukuthi uzithwele.

OLUNYE UDABA: Lutholakale luphila usana olwathunjwa eThekwini

Kuthiwa waqale wafihla kodwa wagcina eselikhiphile iqiniso, abasebenzi bakule ndawo kanye nomphakathi bahamba naye, ingane wafike wayigumba yaphuma isaphila kodwa igcwele izibungu.

Kuthiwa kwathuka wonke umuntu ngesikhathi izwakala ikhala.

UCaptain Gerald Mfeka okhulumela amaphoyisa akule ndawo uqinisekise isigameko nokuvulwa kwecala lokulahla ingane.

UMfeka uthe kuboshwe owesifazane, 24, osolwa ngokubeletha ingane wabe eseyigqiba.

Kulindeleke ukuthi lo wesifazane avele enkantolo maduze ngecala lokulahla ingane.

"Ingane isesibheldlela kanti iyelulama."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...