Lilimele iphoyisa elidutshulwe ngoLwesibili ebusuku

2017-12-06 12:30

Cape Town - Owesilisa oneminyaka engu-37 ubudala uboshiwe ngezinsolo zokudubula alimaze iphoyisa ngoLwesibili ebusuku.

Leli phoyisa elineminyaka engu-22 ubudala lidutshulwe lisemsebenzini izolo ebusuku eTafelsig, eMitchells Plain, kusho uLieutenant-Colonel Andrè Traut.

Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela lisesimweni esibucayi.

OLUNYE UDABA:BUKA: Iphoyisa lihuqa ubuthongo emsebenzini

Amaphoyisa abophe umsolwa athatha nesibhamu sakhe sohlobo lwe-Astra revolver.

UTraut uthi lo msolwa uzovela phambi kweNkantolo yeMantshi yaseMitchells Plain kungekudala.   

"Angeke ingathathelwa phezulu eyokuhlaselwa kwamaphoyisa, kanti sizolandela yonke imikhondo ukubopha nokulahla ngecala abenzi bokubi," kusho uTraut.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...