Liligojele iphoyisa elabulala umsolwa owayengahlomile

2016-12-14 16:01

Johannesburg - Lilahlwe yicala lokubulala uKhulekani Mpanza iphoyisa elilodwa kwamathathu abesolwa ngecala lokubulala umufi eKrugersdorp.

Inkantolo ilalele ukuthi uTitus Mabela wadubula uMpanza ngokungemthetho ngesikhathi elele phansi engahlomile.

I-video yesigameko sokubulawa kukaMpanza yasabalala ezinkundleni zokuxhumana kwase kuqalwa uphenyo.

OLUNYE UDABA: Lilahlwe yicala iphoyisa elibulale intombi ePitoli

IJaji uFrancoise van der Westhuizen uthe ngemuva kokubhekisisa icala nokubukisisa i-video yesigameko, kusobala ukuthi uMabela wambulala ngenhloso uMpanza.

Umsolwa wesibili uPuleng Sebetwa utholwe enecala lokushaya nokukhahlela uMpanza, ongazange aziphindiselele.

Kodwa uJason Segole, ongumsolwa wesithathu, utholwe engenacala kuwo wonke amacala abebebhekene nawo.

Kule video uSegole ubonakala ekhahlela isibhamu sikaMpanza, kodwa akukho lapho ebonakala khona eshaya isisulu.

 -EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...