Lilahlwe yicala iphoyisa lomgwaqo elalifuna 'intshontsho'

2017-02-02 13:00

Tshwane - INkantolo yeMantshi yaseCullinan ithole leli phoyisa linecala le nkohlakalo ngokufuna ukufumbathiswa ngemali engango-R100.

USebo Mathabatha‚ 38‚ ulivumile icala abekwe lona elingaphansi koMthetho wango-2014 wokuGwema nokuNqanda inkohlakalo.

Lesi sigameko senzeka ngoDisemba 2015 ngesikhathi kukhankaselwa ukuphepha emgwaqeni, kubika iSowetan.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa iphoyisa belisho ukumudla ngoba eyisitabane

UMathabatha kanye nozakwabo babesebenza emgwaqeni odume kakhulu ngezingozi, uMoloto, ngesikhathi ebona owesilisa edlula enye imoto endaweni engafanele.

Leli phoyisa lavimba umshayeli wale moto engazi ukuthi naye usemsebenzini wokuqapha ukusebenza kwamaphoyisa omgwaqo ngaphansi kophiko i-National Traffic Anti-Corruption Unit.

Kulindeleke ukuba uMathabatha abuyele enkantolo mhla zingu-29 kuMashi lapho imantshi izohlola khona umbiko owandulela ukugwetshwa kwakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...