Lihlehlisiwe elomqeqeshi osolwa ngokudlwengula abafundi

2017-05-10 15:59

Johannesburg – Icala elibhekene nowesilisa oneminyaka engu-22 ubudala osolwa ngokudlwengula nangokuhlukumeza ngokocansi abafundi abangaphezulu kwabangu-20 eParktown Boys' High School, lihlehlisiwe yiNkantolo yeMantshi yaseGoli.

Izigameko zivele ngemuva kokuba lona wesilisa ongumqeqeshi we-water polo ebonakale kwi-video, enkonkoshele umfundi oneminyaka engu-15 ubudala ngoNovemba ngonyaka odlule.

Waboshwa ngalobo busuku kodwa wadedelwa ngebheyili ka-R3 000 ngokuhamba kwesikhathi.

Lona wesilisa usashiya kulesi sikole.

OLUNYE UDABA: 'Bazodlelwa impahla' abangafuni ukukhokha izikweletu zomasipala

Abameli bakhe babuze ukuthi kusemthethweni yini ukuseshwa komuzi ahlala kuwona oseRoodeport, eWest Rand.

Incwadi egunyaza ukusesha yakhishwa ngenyanga edlule, kodwa abameli bakhe bathi kwakumele kuseshwe ekhona umsolwa nabameli bakhe.

Icala lihleliselwe uJulayi 11 ukuze kuqhubeke uphenyo.

- Eyewitness News

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...