Lihlehlisiwe elomculi owalahlwa elokudlwengula

2017-09-14 12:32

Johannesburg – Isihlabani somculo weKwaito uSipho “Brickz” Ndlovu kuzodingeka silinde esinye isikhathi ngaphambi kokuba sazi ngekusasa laso.

Lesi sihlabani salahlwa yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala.

NgoLwesine, iNkantolo kaMantshi eRoodeport ilihlehlisele umhlaka-28 Septemba icala likaNdlovu.

Lokhu kungemuva kokuba ummeli kammangalelwa uPiet du Plessis etshele inkantolo ukuthi eminye yemiqulu yecala uyithole namhlanje.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abafana ngokubulawa komngani

NgoJulayi, inkantolo yathola uNdlocu enecala lokudlwengula intombazane, 16, ngo-2013 emzini wakhe useRuimsig.

Ngenyanga edlule unqatshelwe ukuba adedelwe ngebheyili esalinde isigwebo, njengoba inkantolo yakhala ngokuthi angase abalekele kwelinye izwe.

UNdlovu wazwakalisa ukuthi waphoqeleka ukuba adayise impahla yakhe eningi ukuze ezokhokhela izindleko zecala eselidonse iminyaka emithathu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...