Lihlehlisiwe elabasolwa ngokubulala umlingisi

2017-10-25 16:00

Johannesburg – Abesilisa abathathu abasolwa ngokubandakanyeka ekubulaweni kwesihlabani seRhythm City, uDumi Masilela, bavele kafuphi eNkantolo kaMantshi eBenoni ngoLwesithathu.

Laba bebengaqali ukuvela enkantolo njengoba bavela nangomhlaka-8 Septhemba, nokuyilapho inkantolo yatshelwa khona ukuthi amanyela eminwe oyedwa wababoshiwe akhomba ukuthi "wayekhona endaweni yesigameko".

Inkantolo icala ilihlehlisele uNovemba 28 ukuze UMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ezothatha isinqumo ngamacala okumele kuqhutshekwe nawo nangokuthi ngabe leli cala kumele lilalelwe eBenoni noma eNkantolo eNkulu eGoli yini.

OLUNYE UDABA: Uzofaka isicelo sebheyili unogada ngezinsolo zokunukubeza abafundi

UMfundo Nkosi, uBongani Masumbuka noSolly Mukhuba, babhekene necala lokubulala, ukuduna imoto, nokuzama ukuduna imoto, kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Bonke bagcinwe esitokisini.

UMasilela washonela esibhedlela ngomhlaka-3 Agasti, ngemuva kokudutshulwa bezama ukuthatha imoto yakhe eTembisa.

- The Star

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...