Lihlehlile icala lesosha elabulala eNtuzuma

2017-11-08 09:31

Durban - Livelile eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma enyakatho yeTheku isosha okusolwa ukuthi lavulela ngenganono libhekise kubantu ngesikhathi lifuna intombi yalo.

Icala laleli sosha kulindeleke ukuba kuqedelwe ukufakwa kwecala ekuqaleni konyaka ozayo u-2018.

UMbuso usola ukuthi uThembinkosi Ngcobo waphuma emsebenzini emasosheni aNorthern Cape ekuqaleni konyaka, ehlome ngesibhamu i-R4.

OLUNYE UDABA:Lizinikele emaphoyiseni isosha elaqotha abantu ngenhlamvu eNtuzuma

Wabhekisa amabombo eThekwini eyobheka intombi yakhe ayekholelwa wukuthi iyajola. Udadeabo wentombi uNokwanda Mbambo wadutshulwa wabulawa emzini womndeni osenyakatho yeTheku.

UNgcobo njengamanje ubhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala ukuthumba nokuphanga.

NgoLwesibili, icala lihlehliselwe umhlaka-6 Januwari 2018.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...