Lihlehlile icala lesigameko sokushaywa komuntu kwaMugg & Bean

2017-11-07 12:29

Randfontein - Icala lokushaywa komuntu ngaphandle kwesitolo sakwa-Mugg & Bean lihlehlisiwe njengoba kusalindwe uphenyo.

Leli cala livulwe ngemuva kokubonakala kwe-video yokushaywa komuntu kulandela ukuhi izungeze ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto.

Kule video kubonakala abelungu behlasela umuntu omnyama ngaphandle kwesitolo sakwaMugg & Bean, eRandfontein.

OLUNYE UDABA:BUKA: Abelungu behlasela omnyama ngaphandle kwaseMugg & Bean

Amadoda amabili aboshiwe ngemuva kokuba kwenzeke lesi sigameko sokushaya.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Ernst, uthe amaphoyisa alibeke eqhulwini uphenyo mayelana naleli cala.

Uthe icala lokushaya belingakafakwa emabhukwini asenkantolo njengoba amaphoyisa esathatha izitatimende kubantu abebekhona kwenzeka isigameko.

 - IVIDEO:

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...