Lihlehlile icala labasolwa ngokubulala uDumi Masilela

2017-09-21 19:29

Johannesburg - Lihlehlile icala elibhekene namadoda amabili abandakanyeka esigamekweni sokuzama ukuphanga okwadlula kuso umlingisi kamabonakude uDumi Msilela eTembisa, e-East Rand, eGauteng.

Leli cala lihlehliselwe inyanga ezayo, ngo-Okthoba.

UMfundo Nkosi noBongani Masombuka bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBenoni. 

OLUNYE UDABA:Buka: UMaNgema ecula enkonzweni yomngcwabo kaDumi Masilela

Laba bobabili basolwa ngokutholakala nemoto eyebiwe yohlobo lwe-Jeep okusolwa ukuthi yasesthenziswa esigamekweni esabhuntsha sokuduna uMasilela imoto.

UMasilela wayepake emgwaqeni eTembisa ngomhlaka-2 Agasti ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lwe-Jeep emnyama. Kuthiwka wadutshulwa ngesikhathi ezama ukususa imoto washonela esibhedlela ngemuva kwesikhashana.

UNkosi noMasombuka batholwa nesibhamu esingekho emthethweni neJeep Wrangle okusolwa ukuthi yiyo okwakuhanjwa ngayo kuyoqhutshwa lobu bugebengu obabhuntsha. 
 
Icala labo lihlehlele umhlaka-6 Okthoba ukuze uNkosi ezofaka isicelo sebheyili, uMasombuka yena ubengakasho ukuthi uzosifaka yini isicelo sebheyili.

UMasilela wafihlwa ngomhlaka-12 Agasti 2017.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...