Lihlehlile elosolwa ngokudlwengula eyakwamakhelwane

2017-11-14 14:01

Cape Town - Icala elibhekene nendoda esolwa ngokudlwengula indodakazi yakwamakhelwane eneminyaka engu-5 ubudala lihlehlisiwe.

Le ndoda uma isiphinda ivela kuyo le nyango iyobe isiyofaka isicelo sebheyili.

Le ndoda eneminyaka engu-36 ubudala isolwa ngokudlwengula le ngane emjondolo oseThembalethu Zone 3, eSouthern Cape.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe ingane, 4, esibhedlela eKZN

Okhulumela amaphoyisa uMalcom Poke uchaze wathi: "Kuzwakale ukuthi umama wale ngane waphuma wayoyibheka kwathi uma engayitholi wayobuza kamakhelwane, ohlala kuyo le ndawo. Ngesikhathi umsolwa esegqoka, ingane yayisanqunu."

Umbuso uzosiphikisa isicelo sebheyili.

Icala lihlehliselwe umhlaka-28 Novemba.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...