Lihlehlile elikamfundisi weDoom

2017-01-30 14:31

Johannesburg - Lihlehliswe eNkantolo eNkulu yasePolokwane elibhekene "nomfundisi weDoom", uLethebo Rabalago ngoMsombuluko.

URabalago ubephelezelwa ngonogada bakhe nenqwaba yabantu emesekayo.

Lo mfundisi bekulindeleke ukuba abeke izizathu zokuba kungani umyalelo okhishwe wuMnyango wezeMpilo esifundazweni omgwema ekutheni ayeke ukufutha abazalwane ngeDoom, kungafanele uhlale unjalo.

OLUNYE UDABA: 'UNkulunkulu owangiyalela i-Doom'

URabalago webandla iMount Zion General Assembly eZebediela, waba ngundabamlonyeni ngokufutha abazalwane ngomuthi wokubulala izinambuzane, iDoom.

NgoDisemba, uMnyango wakhipha incwadi evimba lo mfundisi ukuba angabafuthi abazalwane ngeDoom.

Namuhla (ngoMsombuluko) ummeli kaRabalago u-Edmond Lubisi ucele ukuba anikezwe isikhathi sokuhlelela icala.

Ngemuva kokuhlakazeka kwenkantolo, uLubisi uthe icala lihlehliselwe ukuba izinhlagothi zombili zishintshane ngamaphepha.

Abalandeli, iningi labo okungabesifazane, bezwakale becula ngaphandle kwasenkantolo kuBiccard Street, kubika iSundayWorld.

Ngesikhathi sebeyogibela emabhasini bezwakale bethi: "Kushabalala izinkinga lapho okukhona khona iDoom".

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter






- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...