Lihlehlile elibhekene nodokotela mbumbulu obehushula izisu

2017-10-12 12:30

Johannesburg - Udokotela mbumbulu uboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe esezohushula isisu ngokungemthetho endaweni asebenzela kuyo eMalelane, eNelspruit.

Udokotela u-Abubakari Kaweesa ubesanda kwamukela imali engu-R700 yokuhushula isisu ngesikhathi kugasela amaphoyisa endaweni yakhe, kusho uCaptain Dineo Sekgotodi.

Kutholwe inqwaba yamaphepha ezikhangiso zomsebenzi awenzayo esebenzisa igama likaDkt Rajab J emagumbini aqhuba kuwo lo mkhuba.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe udokotela mbumbulu eKZN

Ngale kokuhushula izisu, lo dokotela ubekhipha imimoya emibi ebantwini, esiza ngamadivosi, amacala asenkantolo, izinkinga zocansi ephinde esiza nabantu besifazane abangabatholi abantwana ukuba bakwazi ukukhulelwa.

Ezinye zezinto ezishaqwe kule ndawo yimishanguzo neselula abexhumana ngayo namakhasimende akhe.

Le ndoda, 46, ithwese icala lokwephula iContravention of health Professional, iContravention of the Choice of Termination of Pregnancy Act neContravention of the Medicine Act.

Iziguli zakhe azithweswanga cala, kusho uSekgotodi.

UKaweesa uvele eNkantolo yeMantshi yaseMalelane ngoLwesithathu, icala lahle lahlehliselwa isonto elizayo.

 - SundayWorld



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...