Lihlehlile elesangoma 'esahambisa owesifazane phezu kwamalahle' ngenkani

2017-08-22 07:00

Johannesburg - Sivele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton isangoma sasePort Elizabeth ngoMsombuluko ngezinsolo zokuphoqa owesifazane ukuba ahambe ophezu kwamalahle ashisayo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Abdre Beetge uthe kwavulwa icala elibhekene noNomatamsanqa MaDlamini Meze, waboshwa ngokushesha ngempelasonto.

UBeetge uthe ummangali, uPumeze Lugawu, 45, wavula icala ngemuva kokungeniswa esibhedlela iDora Nginza eyolashelwa amanxeba okusha kuzo zombili izinyawo.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

"Isigameko senzeka ngomhlaka-8 Julayi 2017 ngesikhathi isisulu sasiyothwasa ukuze sibe yisangoma, sabe sesiphoqwa ukuba sihambe phezu kwamalahle ashisayo.

"Selokhu isigameko senzeka, isisulu saya emtholampilo, sabe sesidluliselwa kodokotela sagcina sesingeniswe esibhedlela," kusho uBeetge.

UMeze ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Icala lihlehliselwe umhlaka-19 Okthoba ukuze kuzoqhubeka uphenyo.

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...