Lihlehlile elabosolwa ngokubamba inkunzi e-OR Tambo

2017-03-20 19:30

Johannebsurg - Avele enkantolo namuhla amadoda amahlanu asolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubamba inkuzi esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ekuqaleni kwale nyanga.

Ngesonto eledlule kwaboshwa uFrance Manaka‚ uSimon Thlokwane‚ uPrince Raphael Dube‚ uSibusiso Mnisi noThando Soshaqione, bonke baneminyaka ephakathi kwengu-30 nengu-40 ubudala.

Bavele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseKempston Park ngecala lokuphanga.

Bonke abasolwa bagcinwe esitokisini njengoba kusaphenywa kanti bonke bazobuyela enkantolo ngomhlaka-28 nangomhlaka-29 Mashi beyofaka izicelo zebheyili.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 5 wabantu ngesigameko sokubanjwa kwenkunzi e-OR Tambo

Abasolwa ababili, oMosiwa Muthame noKhulekani Sibanda, bavele enkantolo ngesonto eledlule kanti bazophinde babuyele ngoLwesihlanu.

UMuthame noSibanda badedelwe ngebheyili yemali engu-R50 000 umuntu emunye.

Abameli  babasolwa obekuthiwa abacacise ngokuthi yimuphi umsolwa otholwe nonyanyavu lwemoto yohlobo lweLamborghini, batshele iTimesLive ukuthi bazophawula ngemuva kwesicelo sebheyili ngesonto elizayo njengoba bebengakabi naso isikhathi sokuxoxisana namakhasimende abo.

Amalungu abezindaba abebeyothamela icala badonswe ngezindlebe ukuba bengazithathi izithombe zamaphoyisa noma ezabasolwa njengoba kungenzeka ukuthi kusafanele bakhonjwe abasolwa.

ITimes Live ikholwa wukuthi kungase kwelekwe amanye amacala abucayi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...