Lihlehlile elabasolwa ngokubulala umakoti ngaphambi komshado

2017-11-16 19:28

eMgungundlovu - INkantolo kaMantshi eMgungundlovu ihlehlise icala labasolwa abane abasolwa ngokubulala umhlengikazi ngosuku olwandulela elomshado wakhe.

UJabulani Sithole, uKwanele Shaba, uSanele Zondi kanye noSifiso Mkhize, bagcinwe esitokisini ukuze kuqinisekiswe amakheli abasolwa ababili kubo.

IMantshi uMercia Boikhutso, uthe uyalihlehlisa icala ngoba izindawo zokuhlala zabasolwa wesibili nowesithathu azikacaci kahle.

OLUNYE UDABA: Umakoti usola umyeni ngokuzitika ngocansi nonina

“Ngoba ekuqaleni nanithe nihlala emgwaqeni kodwa naphinde nanikeza amakheli angenazo izinamba zocingo zabantu bakhona.  Ngakho kuzomele umphenyi wecala ahambe nani niyomkhombisa lapho nithi nizohlala khona,” kusho uBoikhutso.

Umufi watholakala emotweni yakhe endaweni yaseFrance, enezibazi zokuklinywa, kade ehambe kubo eyozicwala aphinde enze namalungiselelo okugcina omshado.

Icala lihlehliselwe umhlaka 23 Novemba ukuze kuphenywe kabanzi ngamakheli abasolwa, kubika i-Eyethu KZN.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...