Lihlehlile elabasolwa ngokubulala abafana abancane eThekwini

2017-11-14 12:31

Durban - Sekuvele abanye abasolwa ababili phambi kwenkantolo ngecala lokubulawa kwaLuyanda Msomi, 10, nomngani wakhe uNjabulo Mankayi.

U-Ali Yusif, 46, odabuka eMalawe noLiziwe Ngwayishe, 33, waseClarewood, bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili.

Laba bobabili babhekene necala lokubulala, ukuthumba nokushaya.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa ingane ena-11

Laba bazogqunywa esitokisini baze baphinde bavele ngesonto elizayo enkantolo, sebevela kanye nomunye umsolwa u-Amahle Mawila, ovele ngoMsombuluko enkantolo.

Izisulu ebezenza uGrade 3 zagcina ukubonakala zigibela ibhasi ngemuva kokuphuma kwesikole.

NgoMgqibelo, amaphoyisa athola isidumbu sikaLuyanda ehlathini eMontclair, eningizimu yeTheku.

Isidumbu sikaNjabulo sona satholakala endaweni ebizwa ngokuthi iseGrunter's Gulley, emtateni eThekwini ngoMsombuluko ekuseni 

Umphakathi othukuthele uganu nwabu ngokubulawa kwala bafana abancane, uphinde wayogcwala enkantolo ngoLwesibili.

 - The Mercury

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...