Lihlehlele uLwesithathu elengane ebithunjiwe

2017-03-13 16:01

Durban - Bekugcwele phama eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko ekuseni lapho obekuvela khona umama wengane, uSiwaphiwe Mbambo, nowesilisa ngokubandakanyeka ekuthunjweni kwengane.

USibongile Mbambo, 34, noPhumlani Mbokazi, 26, babhekene namacala ahlobene nokuduna nokuthumba ingane enenyanga izelwe.

Ngaphambilini namuhla, uMbambo utshele ijaji uMohamed Motala ukuthi akazi kungani ummeli wakhe engekho enkantolo.

OLUNYE UDABA: Lutholakale luphila usana olwathunjwa eThekwini

UMotala ube eselihlehlisela uLwesithathu icala ukuze kuzokwenziwa ulibofuzo khona kuzotholakala ukuthi ngubani ubaba wengane wangempela.

Umsolwa wesithathu ngowesifazane ovalelwe esitokisini ngemuva kokuba amaphoyisa emise imoto eMarianhill Toll Plaza izolo (ngeSonto) ekuseni, ubengakaveli, kanti eminye imibiko ithi akazange abekwe cala.

Imibiko yokuthi uSiwaphiwe ubethunjwe ngamadoda amabili maphakathi nedolobha iTheku ngoLwesihlanu yaholela ekutheni amaphoyisa alusukemele phezulu udaba kwaze kwangenelela nomphakathi.

Kubenentukuthelo nokudumala okukhulu ngeskhathi amaphoyisa ethola lolu sana kumama walo.

Imibiko engaqinisekiswanga iveza ukuthi le ngane ibiyoshunqiselwa impepho kubo "kayise".

Ngaphambilini osukwini, iqulu labantu ebelidinwe ligane unwabu libhikishe ngaphandle kwasenkantolo lifuna kwenziwe ubulungiswa.

 - Twitter:

 - Newswatch

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C High level clouds. Cool. Pta: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 10-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 14-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...