Lihlaselwe ngesando laphucwa isibhamu iphoyisa laseKapa

2017-10-26 07:12

Cape Town – Amaphoyisa athungatha abasolwa ababili abahlasele iphoyisa baliphuca isibhamu somsebenzi eKapa, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ekuseni esiteshini sesitimela eWoltemade, eMaitland, ngoMsombuluko.

I-video ye-CCTV itshengisa leli phoyisa ebeligqoke umfaniswano lishaywa ekhanda ngesando lase liwela phansi.

Le video edlala isikhathi esingumzuzu owodwa namanenjane ibonisa ukuthi leli phoyisa lihlaselwe lihamba ngemuva kwabafana besikole abathathu, izungeza ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe amaphoyisa ehostela KwaMashu

Umlisa oyedwa uphuthume wabamba leliphoyisa, omunye wathatha isando wagqema iphoyisa ephindelela.

La madoda abegqoke amakepisi amhlophe ayeke leli phoyisa ngemuva kokuthatha isibhamu salo alishiya lapho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andre Traut usiqinisekisile lesi sigameko wathi senzeke ngo-08:05 ngoMsombuluko ekuseni.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...